Bonke abantu abaqasha umuntu noma abaqashi mayelana nebhizinisi labo noma ukulima, kudingeka babhalise futhi bakhokhe izinqumo zonyaka esikhwameni sesiNxephezelo. Lamanani kungenzeka angabuyiselwa kubaqashi. Ukubhalisa okuseceleni kuyadingeka egatsheni ngalinye lebhizinisi ngaphandle uma kwenziwe amalungiselelo okubhalisa okuhlangene.
Izimali ezingenayo zalesisikhwama zenziwa kakhulu yizinkokhelo zonyaka zabaqashi ababhalisile ngokwephesenti noma ngesinqumo senani lomholo wonyaka okhokhelwa abaqashwa babo. Umthetho, kodwa, wenza isilungiselo sobuncane bezinkokhelo ukuqinisekisa ukuthi izinkokhelo azibi ngaphansi kwezindleko zokuphatha. Ekupheleni kukaJanuwari njalo ngonyaka, amafomu ayathunyelwa kubobonke abaqashi ababhalisile. Lamafomu kumele agcwaliswe futhi abuyiselwe ngaphambi komhlaka 31 Mashi. Unyaka wezimali wesiKhwama seziNxephezelo uqala kusuka ku Mashi kuya ekupheleni kukaFebhuwari wonyaka olandelayo. Lesi siKhwama sibuye sivikelwe yizilungiselelo ezivumela ukukhishwa kwezinhlawulo kubaqashi abehlulekayo ukukhokha izinkokhelo, noma benze imbuyiselo engamaphesenti ayishumi yenani lezinkokhelo.
Ubungako bezinkokhelo, abaqashi abahlolwa ngakho, buncike kubunjalo bokusebenza bebhizinisi lomqashi. Ukwenzela ukuhlukanisa abaqashi, bayahlukaniswa babe yizigaba ezahlukene kanye nezegatshana zobunjalo bemisebenzi. Ubungako bezinkokhelo benzelwe umthetho wokuthi imboni ngayinye kumele ithwale izindleko zezingozi zayo futhi zibuyekezwa ngonyaka. Naluphi ushintsho lube selwenziwa ngendlela ingozi eyenzeka ngayo. Abaqashi baziswa ngonyaka ngobungako besinqumo esivumelekile sebhizinisi ukulima kwabo.
UMthetho wenza amalungiselelo okunxephezela abaqashwa bakho abalimale emsebenzini. Umqashi uvikelekile kuwo wonke amacala abantu okungenzeka bawabhekise kuye ngesikhathi sengozi eyenzeke emsebenzini, ngisho nangesikhathi sezinsolo zobudedengu. Umqashwa olimale emsebenzini kubophezelekile ukuba akhokhewe isinxephezelo ngaphansi kokukhubazeka kwesikhashana, ukukhubazeka unomphela (kuya ngamazinga okukhubazeka) kanye nokufa. Izindleko ezizwakalayo zosizo lwezempilo ezivele ngenxa yengozi eyenzeke emsebenzini zikhokhelwa isikhathi esiyiminyaka emibili, noma ngaphezulu uma ngabe ukwelashwa kwezempilo kuzokwehlisa izinga lokukhubazeka. Uma ufuna ulwazi olunye mayelana nombiko wamacala, bona ipheshana iW. Cl. 8.
Ukulungisa indawo yabaqashi abakhokha isamba esikhulu ezinkokhelweni ezingaphandle kwezilinganiso zenani lezingozi zabo, indlela yokukhipha izaphulelo, njalo ngemuva kweminyaka emithathu yasungulwa. Iphesenti lesaphulelo lishiwo ngubukhulu phakathi kwezindleko zecala lomqashi kanye nenani lezinkokhelo zakhe. Ukwenyuswa noma ukwehliswa kobukhulu benani lomqashi kuncike ekutheni ingozi yakhe iyavumelana noma ayivumelani nezindleko.
